Main Menu

Subscribe for E-Newsletters

Select a mail list to subscribe to.
E-Newsletter
Email address

Free Islamic Audio Downloads
Home arrow General arrow Zulu arrow Ungabakanjani yi-muslim (Zulu)
PDF Print E-mail

 

Ungabakanjani yi-muslim

 

Nanoma ubani obusiswe ngesipho SENKOLO YEQINISO loyomuntu usuke enenhlanhla enkulu.

Ebantwini abayizigidi ngezigidi abahamba emhlabeni uNkulunkulu uMdali wethu uQobo,ngomusa wakhe nangothado,wakhetha umuntu oyedwa amzwelayo wamdabukela wasemnika izibusiso,ngokumholela eNkolweni yeQiniso i-Islam.


Njengoba isho nencwadi engcwele iQur'aan ithi, “OKUYIYONANKOLO” eyamukelekile ku-Allah i-Islam.


YINI I-ISLAM?


Igama elithi islam lichaza Indlela yokuphila.Okusho izimfundiso nendlela okumele siphile ngayo nabanye abantu lapha eMhlabeni.


Uma ufuna ukuba i-Muslim,kumele uvume ukholo ngenhliziyo yakho yonke.Kumele ufunde noma ufundiswe ngezinkolelo nangeziMfundiso zamaMuslim.


Izinkolelo okumele umuntu azazi ngaphambi kokungena kwi-Islam yilezi ezilandelayo:


  1. uKholelwa ekutheni: uNkulunkulu munye,Akazali futhi Akazalwanga.

  2. Umphrofethi uMohammad (ukuthula makube kuye) uyisithunywa sokugcina sika-Allah emva ku-Jesu (ukuthula makube kuye) futhi akekho omunye uMphrofethi ozayo emuva kwakhe.

  3. I-Qur'aan Incwadi yokugqcina eyembulelwa uMphrofethi uMohammad (ukuthula makube kuye) konke okuqukethwe kuyo kuyiqiniso.

  4. Impilo yakwelizayo iyiqiniso, lapho siyophumula ungunaphakade.

  5. Konke okubhalwe eNcwadini eNgcwele kanye nezimfundiso zoMphrofethi (ukuthula makube kuye)ziyiqiniso.

    Uma umuntu esekwamkele ngokweqiniso konke okungasenhla,ngenhliziyo namgomlomo(nangokuphimsela) loyomuntu usuke eseyiMuslim.


Okubalulekile:Ukwamukela inkolo yeIslam akuyona indeyinde njengukuthi kumele uyobhabhadiswa nokunye,njll. njengakwamanye amabandla. Umuntu angazikhethela noma angazamkelela eyedwa inkolo yeIslam.


Kodwa ngaphezu kwalokho kumele uye kubeFundisi,noma ezikhungweni zencazelo yeIslam,lapho uyosho amagama okholo achaza yonke into esesiyichazile ngamafuphi.


Ash hadu allah ilahaa illallahu

wa ashhadu anna muhammadan abduhu wa rasuluh


Incazelo:Ngiyafunga ngiyagomela ukuthi akekho omunye uNkulunkulu okumelwe ukukhonzwa ngaphandle kuka Allah,noMphrofethi (ukuthula makube kuye) uyisithunywa sakhe.

 

 

 


Amantu billahi wa malaikatihi wa kutubihi warusulihi walyoumil akhiri

wal qadri khayrihi wa sharrihi minallahi ta'ala wal ba'si b'adal maut


Incazelo: Ngiyakholelwa ku Allah,eziNgelosini zakhe,eziNcwadini zakhe,kubaPhrofethi bakhe,oSukwini Lokugcina,konke okuhle nokubi kuvela kuyena,nasosukwini lokuvuka kwabafileyo.


Okokugcina uma usuyiMuslim kumele uzihlambulule kuzozonke izinkolelo obunazo kudala,LEZI EZINGAHAMBISANI NE ISLAM.


Kumele ngasosonke isikhathi ubuze ngokungakwazi,noma ongenaso isiqiniseko ngakho,kunoma isiphi isikhungo sencazelo yeIslam.

Noma ungaxhumana nathi kulelikheli elilandelayo:


53 Joyce Rd, Sea Cow Lake

Tel: 031 577 7868 – Fax: 031 577 6012

 
< Prev   Next >
© 2008 - Darul Ihsan Islamic Services Centre
Tel:  (+27) 031 577 7868 - Fax: (+27) 031 577 6012
Contact Details

Durban, South Africa


 
Ghusl
 
Latest Programmes
 
  
Feed a Pupil

Skype Darul Ihsan

Skype Times: 8:30am - 4:30pm GMT +2 (South Africa) Status: Offline