Main Menu

Subscribe for E-Newsletters

Select a mail list to subscribe to.
E-Newsletter
Email address

Free Islamic Audio Downloads
Home arrow General arrow Zulu arrow Intsha kumele iziphathe kahle (Zulu)
PDF Print E-mail

 

INTSHA KUMELE IZIPHATHE KAHLE

Ngu Maulana Imraan Ngcobo


Nanoma iziphi izenzo umuntu azenzayo kuhamba kuhambe zibuye ngaye. Ayikho into oyenza kugcine kunjalo, ekugcineni kubuya ngawe.


Ngezikhathi zamaholide kakhisimusi bekubukwa intsha ngezenzo zayo ezingezinhle neze.

Beyihamba yehlayenyuka emigwaqeni kodwa imisebenzi ikhona emakhaya.


Ukuvela ngaphandle ematekisini iphethe amathawula ihlabelela nezimoto ezigqomayo.


Ukusetshenziswa kwezidakamizwa nophuzo oludakayo.


Ukuqabula intombazane phambi komphakathi ngale kwenhlonipho nokungabanaki abantu abadala.


Kuyaxaka ngoba lezizenzo zibizwa ngenjabulo kepha umphumela wazo ukufa. Umbuzo omkhulu ukuthi kulula yini ukuzithiba ocansini uma usuphuze kakhulu noma usebenzise iziyobisi na? Kusho ukuthi nokuqwashisa ngengculazi kungumdlalo.


Intsha kumele ike icabangisise kahle ukuthi lezizenzo ziyogcinaphi nokuthi kufanele yini umuntu aphilele ukufa.


Kumele intsha yazi futhi ukuthi izinto ezenza manje, ziyoba nomphumela ongemuhle nasentsheni eza emvakwayo.


Make sonke sizithibe sicabangele imindeni yethu nabantu esiphila nabo, nokuthi siyongcwaba koze kubenini ngenxa yenjabulo enobudedengu.


Intsha kumele ibukele entsheni yango 1976 esakhunjulwa namanje ngenxa yemisebenzi yayo emihle.


I-Islam iyisixazululo, ngakhoke uma ufuna ukwazi ukuthi iyisixazululo kanjani. Thintana nathi kulikheli, noma shayela kulezinombolo ezilandelayo:



 
< Prev   Next >
© 2008 - Darul Ihsan Islamic Services Centre
Tel:  (+27) 031 577 7868 - Fax: (+27) 031 577 6012
Contact Details

Durban, South Africa


 
Ghusl
 
Latest Programmes
 
  
Feed a Pupil

Skype Darul Ihsan

Skype Times: 8:30am - 4:30pm GMT +2 (South Africa) Status: Offline