Main Menu

Subscribe for E-Newsletters

E-Newsletter


Receive HTML?

Free Islamic Audio Downloads
Home arrow Zulu arrow Zulu arrow INKOLELO YETHU ISENGOZINI (Zulu)
PDF Print E-mail

DARWIN'S ''EVOLUTION THEORY''


INKOLELO YETHU ISENGOZINI


MANJE ISEZIKOLENI ZETHU



Emuva kokuzwa isimemezelo soMnyango weZemfundo ekutheni onyakeni ka 2008 kuzofakwa incwadi noma isilabhasi ka Darwin, okuyi THEORY OF EVOLUTION ku grade 10 no 12, abazali bezingane zama-Muslim bayanxuswa ukuthi baqaphele ingozi yokuthi izingane zabo kungenzeka zibhekane nenkinga yenkolelo ngalencwadi.


Yize isikhungo sezemfundo singakasenzi impoqo lesisifundo ngaphansi kwe Life Science lapho le-Evolution izofakwa ngaphansi kwayo,ngakhoke kubalulekile ukuthi abazali nezingane zamaMuslim

bazi ngayo,ngoba kunokwenzeka ukuthi abafundi bamaMuslim bawele kule Evolution Theory engahambisani ne Islam.


Ngamafuphi le-Theory ikhuluma ngani na?


-Iphika ubukhona buka-Allah (Umvelinqange) owadala umuntu nakhokonke okuseMhlabeni

-Isiqalo noma imvelaphi yomuntu ekutheni ivela ezinkawini (lezi ezingenamisila); ekuhambeni kwesikhathi zaphenduka zaba ngabantu (yithina)

-Umuntu ungenye yezinhlobo zezilwane; ngakhoke kumele siyilwele kanzima impilo ngobakuphumelela loyo onamandla

-Ukungakholelwa kubukhona buka-Allah,eNkolweni naseMoyeni oyiNgcwele.


Ngakhoke,le Theory ka Darwin iphika ubukhona buka Allah – uMdali noMondli Wethu

okusho ukuthi iphikisana nezimfundiso ze-Islam ezisifundisa ukuthi u-Allah uyena owadala iZulu noMhlaba nakhokonke okuphakathi kuwo.


LeTheory yakhe yachithwa yizozonke izifundiswa zamaMuslim,kanye nezifundiswa jikelele. Izincwadi ngezincwadi zabhalwa ngalesisifundo.


Omunye wezifundiswa esigogodile kweze-Islam wabuzwa ngale Theory,waphendula wathi,''Akunasidingo soku phendula lombuzo ngale Theory ngoba nanoma ubani uyabona ukuthi lento ayichazayo iyinto engekho.''waseqhubeka ethi.''Wonke umuntu kumele aziqhenye ngo baboMkhulu bakhe.'' Njengoba lo Darwin eziqhenya ngobaboMkhulu wakhe (izimfene),akaziqhenye ngabo.Kodwa thina maMuslim ubaboMkhulu wethu nguHazrat Adam (AS).Siyaziqhenya ngobaboMkhulu.


N.B.amaMuslim kumele aphakamise uvolwawo ngokubhala khona kuzochithwa lombono.

Niyacelwa nibhale noma nithumele i-fax (021 323 5837) noma i-email ( This e-mail address is being protected from spam bots, you need JavaScript enabled to view it )

eMnyangweni zeMfundo.

 
< Prev   Next >
© 2008 - Darul Ihsan Islamic Services Centre
Tel:  (+27) 031 577 7868 - Fax: (+27) 031 577 6012
Contact Details

Durban, South Africa


Latest Programmes
 
 
Feed a Pupil

Skype Darul Ihsan

Skype Times: 8:30am - 4:30pm GMT +2 (South Africa) Status: Offline