Main Menu

Subscribe for E-Newsletters

E-Newsletter


Receive HTML?

Free Islamic Audio Downloads
Home arrow Zulu arrow Zulu arrow I-Centre yama Muslim enza imisebenzi ehlukahlukene (Zulu)
PDF Print E-mail

I-Centre yama Muslim enza imisebenzi ehlukahlukene


I-Darul Ihsan yasungulwa ngoJanuwari ka 2000, lenhlangano eyama-Muslim (NGO) eseThekwini, RSA. Isebenza ekutheni isize nanoma ngubani, ungaba yi-Muslim noma awusilo, ngasekuthuthukiseni nanokusimamisa labo abangenawo amandla, kanye nokunye okuningi ngaphandle kwesinti. (Mahhala)


Leli Hhovisi linemikhakha enhlobonhlobo yokusiza, njengokuxazululwa kwezinkinga zabantu, eziphathelene nezemindeni, nokuphendula imibuzo emayelana ne-Islam, lixhase nabafundi ngemifundaze, ezikoleni nase manyuvesi, njll njll.


Okungukhiye noma okuyimpande yenhloso yalenhlangano, ukuthi ifuna ukuqwashisa nokwazisa abantu abangazi kahle ngenkolo ye-Islam, ukuthi iyinkolo yoxolo nomusa, ukuze kungabikhona ukungezwa ngabantu bebika into engelona iqiniso ngaleNkolo. Nokuthi labo asebelazi iqiniso bayikhethe leNkolo.


Lapha asichazi kuphela izinto zokholo, kepha sibheka yonke into ephathelene nobuntu.

Sinekomiti lokulamula elibheka nezimpikiswano ikakhulukazi ezokwabiwa kwamafa, namaBhizinisi, Bonke abathintekayo balethwa ndawonye ukuba basamukele isinqumo sokugcina.

Sinama khalenda, nezincwadi ezichaza kabanzi nge-Islam, sinama PDF nama MP3 ongawaloda kwi-website yethu, konke lokhu kutholakala MAHHALA.


Ngamafuphi igama elithi IHSAAN lichaza uKumazi Umdali uMvelinqange.


Isiphetho


Le-Centre yasungulwa ngomusa kaNkulunkulu ngu Mufti Zubair Bayat, ngonyaka ka 1420 / 2000.

Okumanje ise Sea Cow Lake, Parlock, Ethekwini.


Nantu uhla lweminye imisebenzi esiyenzayo kule Centre ngenzansi.


EMNYANGWENI WEZEMFUNDO


- Amakilasi eHifz (Madrasah Abraar)

- Amakilasi abafundi bebanga eliphezulu (Madrasah Abraar)

- Amakilasi esi-Arabhu kubafundi baseyunivesithi (The Arabic Academy)

- Senza namaWorkshop, Seminas nama Symposiusm

- Ama-course ayisipesheli


EMNYANGWENI WEZOKWELULEKA


- Ezemishado

- Ezemindeni

- Ukululekwa ngocingo

- Ukululekwa nge-email, nange Skype







EMNYANGWENI WEZENHLALAKAHLE


- Ukudla kwezingane zesikole

- Ezibhedlela

- Sikhokhele ne Rent, ugesi, amanzi

- Sisize abadayisi

- Amaphasela okudla

- Imisebenzi

- Imifundaze


EMNYANGWENI WEZOKULOBA


- Iphephandaba

- Ukuchaza izincwadi

- Iziqephu

- Ama CD


EMNYANGWENI WOMPHAKATHI


- Sine library

- Sikhuthaza intsha

- Izindaba

- Ne Dawah


EMNYANGWENI WE I.T


- Sine website

- Email

- Q & A

- Udownloda mahhala

- Amafayili ama-Audio mahhala


EMNYANGWENI WE FATWA


- Ukuphendulwa kwemibuzo

- Fatwas, ngama sms, ucingo, fax, email, njll njll..

- Ukucwaninga kwezinto ezivelayo ezintsha

- Sichaze ngezokwabiwa kwamafa ngokwe Islam


 
< Prev   Next >
© 2008 - Darul Ihsan Islamic Services Centre
Tel:  (+27) 031 577 7868 - Fax: (+27) 031 577 6012
Contact Details

Durban, South Africa


Latest Programmes
 
 
Feed a Pupil

Skype Darul Ihsan

Skype Times: 8:30am - 4:30pm GMT +2 (South Africa) Status: Offline