|
Isikhathi sokumenyezelisa inhliziyo -Moulana Yunus Patel Ngenxa yokungawamukeli kwethu umyalezo we-Quran kanye nowe-Hadith,kanti futhi kusukela izinhliziyo zethu zingakwazi ukuqonda ubumsulwa balezinto, yingakho singayizuzi i-Noor ya Allah Ta'ala. Yonke into esiyenzayo iyi-Zaahiri [ukuthenga amehlo].Umphumela walokho ukuthi asiboni lutho, asizwa lutho ngaleyondlela sigcina ngokuba ngabadumisi ba-Allah Ta'ala abomile nabaswele uthando lwaKhe. Okunye futhi yikho ukuthi noma i-Ibaadah yandisa ukukhanya kwinhlinziyo, ukulalela i-Nafs no-Shaytaan kuhlwanyela ubumnyama khona lapho. Noma ngabe sifaka ukukhanya kwizinhliziyo zethu noma ukukhanya. Zozimbili lezizinto azisoze zahlalelana endaweni eyodwa, ngasikhathi sinye Ubumnyama bokuhleba , amanga, ukufunga ngamanga, ukuqola, ukulutha, inzalo [ukuyamukela noma ukuyikhokha], ukufunda izincwadi ezibolile, ukugembula, umculo, umabonwakude, imidlalo e-Haraam yamakhomputha, ihlo elibi, ukucabannga kabi, ukuphinga, ukuqoma nokuqonywa njalo njalo, konke kumboza i-Noor ye-Ibaadah yethu encane njenge ngubo ewugqinsi yentuthu YINI EGCINA IKHAYA KUYIKHAYA LAMA-MUSLIM -Moulana Abdul Hamid Ishaq Umuzi wama-Muslim yilapho kenziwa khona i-Fardh Salaah kahlanu [ ngabesimame- abesilisa baya e-Masjid], kwenziwe ne-Nafl Salaah, kwenziwe i-Tilawah [ukufundwa kwe- Qur'an Sharif, i-ZikruLLah, Dua, Muraqabah, kubuye kwenziwe nokubaluleke kakhulu, i-Taleem.Wonke umuntu ohlala kulelo khaya uba nempilo ye-Islam [ Akhlaq] kanjalo nokuziphatha ngendlela ye-Islam [ Aadab]. Uma kune-Alim kulelokhaya, kumele kusetshenziswe lelothuba eliyivelakancane ngokuba kwenziwe i-Tafsir kanye nezifundo ze Hadith. Uma kune Hafiz noma i-Qari, kumele kwenziwe nezifundo ze-Tajweed. Ngaleyondlela umuzi wama-Muslim sewungaphenduka i – Madrasah. Ngokwenza i-Taleem, ama-Barakah ne-Rahmah ayokwehlela kulelokhaya esesimeni sothando nenhlonipho emndenini walelokhaya. Imali ayizukugcina ngokuba khona, kodwa izoba yinsada. Sizokwazi nokuphepha ekuguleni okunzima, ezingozini, ezinkingeni, njalo njalo. I-Aafiya [ okuyimpilo enhle nephephile ] iyohlale inathi ephi naphi. SEBENZISA ISIKHATHI NGENDLELA EYIYO Yenza inhlovo. Hlolisisa okuvela engxoxweni uma uhleli neqeqebana labangani bakho esikhathini esingangemizuzu eyi 60. Kujwayele ukuthi kungabi nanzuzo noma kube yimbudane. Ama hora ngama hora esikhathi esingathengwa ayamoseka. Ngaleyondlela qaphela. Uma wazi ukuthi ulalele umuntu okhuluma ngoba efuna ukuzikhulumela, funda i-Tasbeeh.Qhubeka nokumlalela, kodwa ungayeki
|