|
INQUBO YE-ISLAM NGAMA HOLIDE U- Disemba no- Janwari yizinyanga zokuphumula eziqondana namaholide esikole okuphela konyaka. Abantwana nabazali, ngokufanayo basuke belangazelele ukuchitha lesisikhathi bengcebeleka ngezinsuku ezishisayo zasehlobo. Ngesinye isikhathi ngazo lezizinsuku zokuthokoza ( ngaphansi kwemigomo ye- Shari’ah ) kuyenzeka sikhohlwe yi- Ibaadah kanjalo nokunye okuphathelene nokudumisa u-Allah. Ngaleyondlela kumele: . sigcine ukubonakala kwethu njengama Muslim ( ngokugqoka,ukuziphatha, njll ) . sigcine ama Salaah amahlanu ansuku zonke, noma ngabe sikuphi, ngisho noma sisohambeni. . sixwaye konke ukungaziphathi ngendlela nezenzo ezingamahlazo. . sigcine amehlo ethu ukuba angabi luvanzi ezindaweni zomphakathi njengasemabhishi. . sibalekele zonke izenzo eziyizono ngesikhathi sizijabulisa nemindeni yethu ngamaholide. . sihlale siqwashile ngesimo sobu Halaal salapho sithenga khona okudliwayo. . Okokugcina, singakhohlwa ukubaluleka kwezinsuku nobusuku bazo eziyi 10 zenyanga i- Zil-Hijjah ezizokuba ngomhlaka 11 Disemba kuya ku 20 Disemba 2007 ( kulele ekubonakaleni kwenyanga ).
|