|
Vimba UKUHLUKUMEZA NGODLAME ABESIMAME .... KUNGABE SINGAMADODA NGOKWANELE UKUTHI SINGAKUGXEKA ? . Akukho nangengozi lapho inkolo ye-Islam ivuma noma ixolela udlame noma ukuhlukumeza. Ngokweqiniso, lonke usuku lwe-Muslim kumele lube wusuku lokulwisana nokuhluku- nyezwa komama kanye nezingane. . I-Quran Engcwele inamavesi ayinqwaba akhuthaza ukuphathwa kahle komame, kanti futhi ikubeka kucace ukuthi ubuhlobo bamadoda kanye nabesimame kumele kube obothando, inhlonipho, kanye nokuzwelana, hayi obengcindezelo, udlame kanye nokuhlukumeza.. . Umprofethi ( ukuthula kube kuye ) wakuhlaba wakuhlikiza ukuthi amadoda ashaye amakhosikazi awo. Wayengumholi oyisibonelo ngoba empilweni yakhe yonke akakaze ashaye owesimame noma ingane.Wayehlale ( ukuthula kube kuye ) eyala amadoda ngokuthi, “ Phathani abafazi benu kahle, nibaphathe kahle ngoba bangabasizi enibambisene nabo.” Kanti ngesinye isikhathi wake wathi, “ Indoda enamandla akusiyona leyo eyisidlakela ibuye ibe namandla, kepha yileyo ekwazi ukulawula ulaka lwayo.” ( Bukhari ) . Umprofethi ( ukuthuka kube kuye ) kuyabikwa ukuthi wake wathi: “( akusilona yini ihlazo ukuthi ) omunye wenu ashaye umfazi wakhe njengesigqila, kuyabe ngokushona kwelanga uselele futhi naye.” ( Riyadh-us-Saliheen ) . Ukuhlukunyezwa kwabesimame kanye nabantwana sekulimaze abantu abaningi, kwabhidliza imindeni, kwathena umphakathi amandla..Kuyoze kube nini sithalalisa sengathi asiboni na ? . Yithi Akuphele, Akuphele, Akuphele !! ukuhlukunyezwa komama nezingane..... manje kuze kube phakade.
|