|
UMOYA WE QURBANI -Moulana Abdul Hamid Injongo ye Qurbani wukuletha ubunjalo be Qurbani - umhlabelo - empilweni yethu. I-Qurbani akusona isenzo nje sesiko. I- Shariah iyigcizelela ngalendlela ukuthi nabesimame bayakhuthazwa ukuba bazihlabele ngezandla zabo. Uma ngasizathu thize bengakwazi ukuzihlabela mathupha isilwane, kumele babe khona lapho kuhlatshwa khona, uma nje imigomo ye- Hijab igciniwe. Okunye okubalulekile nge- Qurbani nesingakunaki, wukuthi kumele izilwane ze-Qurbani sithi ukuzigcina isikhashana sihlala nazo, ngaphambi kokuba sizibulale. UBUNJALO BE QURBANI -Mufti Muhammad Shafi' ® Isikhumbuzo somhlabelo ka Ibrahim (as) siyisifundo salo lonke ikholwa ngaso sonke isikhathi, sokuthi ukuze umuntu athole injabulo ka-Allah Ta'ala, kumele umuntu anikele ngakho konke anako. Leli sekuyizinga lobulungiswa eliphakemeyo loluntu. Ukuhlaba izilwane, kungumgomo kuma-Muslim minyaka yonke. Kusezingeni lesikhumbuzo sika- Ibrahim (as). Elinye iphuzu eligqamayo, wukuthi ukunikela nge-Sadaqah elingana nenani lesilwane, akusoze kwamkhulula umuntu kulomgomo oyi-Fardh, kanti ngaleyondlela ngeke akwazi ukugcina isikhumbuzo sika- Ibrahim (as). Inhloso ye-Qurbani akusikona ukudla noma ukunikela ngenyama ye-Qurbani, kepha ukugcina umgomo we-Shari'ah nokuvuselela umgubho we-Sunnah ka- Ibrahim (as), nokudala umoya wokufisa nokuzikhandla nokunikela . Isizathu sangempela se-Qurbani, ngesokudala isifiso sokulalela nokuzithoba kumuntu.
|