Main Menu

Subscribe for E-Newsletters

E-Newsletter


Receive HTML?

Free Islamic Audio Downloads
Home arrow Zulu arrow Zulu arrow Saphela isizwe wuphuzo (Zulu)
PDF Print E-mail

Isollezwe


SAPHELA ISIZWE WUPHUZO



Lime njalo iSolezwe. Ngibonga ngodaba oluqwashisa ngokucwila kwamponjwana, oluphume

kwi Solezwe langomhlaka 11 Disemba 2007. Angazi ukuthi wubani lona owasikhohlisa

ngokuthi ukuphuza kuyajabulisa noma kuqeda usizi. Angikaze ngibone abantu abaxabana

bejabule ngaphandle kwabasuke bezijabulisa ngotshwala.

 

Ngiyaye ngibone kwezinye izizwe indoda ithenga ibhodlela lotshwala obushisayo (spirit),

iliphuza kancane, mhlawumbe kuze kuphele inyanga lingakapheli. Kepha lapha kithi, ibhodlela

liphelela epaki, ebhasini noma esitimeleni. Lowo okade ephuza lelobhodlela usuke esevikwa

yizimoto, amabhasi ngisho nabantu uqobo. Ngeshwa iningi labo alifiki emakhaya.


Ma Afrika amahle, masiyeke ukuphuza ngoba asazi ukuthi siphuzelani. Obabamkhulu

babengenzi njengoba sesenza. Angisho ukuthi babelenza lelihlazo lokuphuzela umngcwabo.


Abdullah Anwar Cele


Durban




 
< Prev   Next >
© 2008 - Darul Ihsan Islamic Services Centre
Tel:  (+27) 031 577 7868 - Fax: (+27) 031 577 6012
Contact Details

Durban, South Africa


 
Ghusl
 
Latest Programmes
 
  
Feed a Pupil

Skype Darul Ihsan

Skype Times: 8:30am - 4:30pm GMT +2 (South Africa) Status: Offline