JOIN OUR MAILING LIST     facebook    twitter    skype

Guest Impressions

Zulu - Ukuzila (Fasting)

Ukuzila ngenyanga ka-Ramadhaan kungenye yezinsika ze-Islam. Kuphoqelekile kuma-Muslim awesilisa nawesifazane athombile ukuthi azile ukudla. Ukuzila kwama-Muslim kuhlukile kwezinye izinkolo.

U-Allah Ta'ala wethembise izibusiso ezinkulu kulabo abazilayo, nesijeziso esibuhlungu kulabo abangazili. Ukuzila kunezinto eziningi ezilusizo empilweni, emphefumulweni kanye nasemphakathini. U-Allah wenze ukuzila kwaba yimpoqo ukuze sibe nokholo nokumesaba kweqiniso. Kwi-Islam ukuzila kusho ukugwema ukudla, ukuphuza nanoma yini, ukubhema, kanye nocanci kusukela ekuseni, ngaphambi kwentathakusa kuze kuyoba sekushoneni kwelanga, ngenhloso yokuzilela u-Allah, nokuthola yonke inhlobo yezibusiso u-Allah azibekele lowo ozilayo.

Okunye okumele sikwazi ukuthi, u-Allah unobubele, akabacindezeli abagulayo, abadala noma abasohambeni. Labo abaphoqelekile ukuba bazile ngenyanga ka-Ramadhaan. Kodwa kumele bazile lapho sebengcono noma futhi sebekwazi ukuthi bangazila. Lokhu kuzila kusuke kukhokhwa lezizinsuku ongazizilanga.

Nazi izinto ekumele uzigweme uma uzilile:

  • Ungakhulumi kungenasidingo.

  • Ungahlambalazi.

  • Ungabi nenhliziyo encane.

  • Ungaqambi amanga.

  • Ungahlebi.

  • Ungaxabani nabanye.

  • Ungaziqhenyi nokuzitshela.

  • Ungayithuki inhlamba.

  • Ungabuki izinto ezingasile.

  • Ungalaleli inkulumo embi.

  • Ungenzi izono.

  • Ungakhulumi izindaba zabantu.

  • Ungadli ukudla okungaqondakali nge-Iftaar.

“Ukuzila kuyihawu elivimbela umlilo wesihogo nesiphephelo esiqinileyo (esiyovikela ikholwa esijezisweni somlilo).”

Sengathi u-Allah angasivikela sonke emlilweni weSihogo. Ameen

 

 

Leave a comment


Anti-spam: complete the taskJoomla CAPTCHA

GET CONNECTED WITH US       facebook       twitter      skype