IS'TEBHISI SOKUQALA ESIBHEKE EBUBUNI
XWAYA!
Ama Muslim ayaxwayiswa ukuba angahambeli imicimbi lapho kudlalwa khona umculo ngisho noma ungaqanjwa ukuthi wumcimbi “we-Islam”
-
Umculo uyi-Haraam, uphinde ube yisono esikhulu, kanti unjalo-nje awuvunyelwe nakancane kwi-Qur'aan ne Hadith. Muva-nje kunenkambiso edlondlobayo eyamele emculweni “we-Islam” oqoshwa ngamazwi, isisekelo sawo okuyi-Islam kodwa aphelezelwa yizinsimbi zomculo, bese lokhu kukhuthazwa sengathi kuvumelekile kwazise amazwi noma okuculwa ngakho kunokwe-Islam. Kepha-ke ayikho into efana nomculo “we-Islam”, umculo ungumculo uyohlale uyi-Haraam noma ungaphiwa liphi igama.
-
Ukulalela umculo kuyingozi kwi-Imaan yethu ekubeni uhlobo olubhubhisayo lwalobuthi bomphefumulo obunobungozi buchaziwe kulama-Ahadith alandelayo:
-
“Umculo wenza kukhule ubumbulu enhliziyweni, njenga manzi ehlumisa izitshalo.” (Mishkat)
-
“Ngempela u-Allah Ta'ala ungithumile njengomusa nanjengomholi emhlabeni. Kanti futhi u-Allah Ta'ala unginikeze umyalo wokuba ngibhubhise izinsimbi zomculo.” (Musnad Ahmad)