Yonke into esiyenzayo iyi-Zaahiri [ukuthenga amehlo].Umphumela walokho ukuthi
asiboni lutho, asizwa lutho ngaleyondlela sigcina ngokuba ngabadumisi ba-Allah Ta'ala
abomile nabaswele uthando lwaKhe.
Okunye futhi yikho ukuthi noma i-Ibaadah yandisa ukukhanya kwinhlinziyo, ukulalela
i-Nafs no-Shaytaan kuhlwanyela ubumnyama khona lapho. Noma ngabe sifaka ukukhanya
kwizinhliziyo zethu noma ukukhanya. Zozimbili lezizinto azisoze zahlalelana endaweni
eyodwa, ngasikhathi sinye
Ubumnyama bokuhleba , amanga, ukufunga ngamanga, ukuqola, ukulutha, inzalo
[ukuyamukela noma ukuyikhokha], ukufunda izincwadi ezibolile, ukugembula, umculo,
umabonwakude, imidlalo e-Haraam yamakhomputha, ihlo elibi, ukucabannga kabi,
ukuphinga, ukuqoma nokuqonywa njalo njalo, konke kumboza i-Noor ye-Ibaadah yethu
encane njenge ngubo ewugqinsi yentuthu
YINI EGCINA IKHAYA KUYIKHAYA LAMA-MUSLIM
-Moulana Abdul Hamid Ishaq
Umuzi wama-Muslim yilapho kenziwa khona i-Fardh Salaah kahlanu [ ngabesimame-
abesilisa baya e-Masjid], kwenziwe ne-Nafl Salaah, kwenziwe i-Tilawah [ukufundwa kwe-
Qur'an Sharif, i-ZikruLLah, Dua, Muraqabah, kubuye kwenziwe nokubaluleke kakhulu,
i-Taleem.Wonke umuntu ohlala kulelo khaya uba nempilo ye-Islam [ Akhlaq] kanjalo
nokuziphatha ngendlela ye-Islam [ Aadab].
Uma kune-Alim kulelokhaya, kumele kusetshenziswe lelothuba eliyivelakancane ngokuba
kwenziwe i-Tafsir kanye nezifundo ze Hadith. Uma kune Hafiz noma i-Qari, kumele
kwenziwe nezifundo ze-Tajweed. Ngaleyondlela umuzi wama-Muslim sewungaphenduka
i – Madrasah.
Ngokwenza i-Taleem, ama-Barakah ne-Rahmah ayokwehlela kulelokhaya esesimeni
sothando nenhlonipho emndenini walelokhaya. Imali ayizukugcina ngokuba khona, kodwa
izoba yinsada. Sizokwazi nokuphepha ekuguleni okunzima, ezingozini, ezinkingeni, njalo njalo.
I-Aafiya [ okuyimpilo enhle nephephile ] iyohlale inathi ephi naphi.
SEBENZISA ISIKHATHI NGENDLELA EYIYO
Yenza inhlovo. Hlolisisa okuvela engxoxweni uma uhleli neqeqebana labangani bakho
esikhathini esingangemizuzu eyi 60. Kujwayele ukuthi kungabi nanzuzo noma kube
yimbudane. Ama hora ngama hora esikhathi esingathengwa ayamoseka. Ngaleyondlela
qaphela. Uma wazi ukuthi ulalele umuntu okhuluma ngoba efuna ukuzikhulumela, funda
i-Tasbeeh.Qhubeka nokumlalela, kodwa ungayeki