Wazalwa: Ama 17 eminyaka ngaphambi kobuPhrofethi
U Zaynab bint Jahsh wayengumzala ka Rasulullah SAW - umama wakhe wayengudade kababa kaRasulullah SAW. Wamukela i-Islam
ngaseminyakeni yokuqala kwayo. Wabe esegana u Zayd ibn Haritha ra, kepha lomshado awukwazanga ukuzinza, babe sebeyahlukanisa.Ngemuva kokuphela kwe Iddat wabe esegana u Rasulullah SAW ngokomyalelo ka Allah Ta'ala njengoba kuchaziwe kwi Surah Al Ahzab. Le Nikah yenzeka eminyakeni emi 5 A.H. ngesikhathi eneminyaka engama 35. Wazizwa ehloniphekile ngokuthi bonke abanye abanakwabo babenikezelwe wuzalo lwabo ku Rasulullah SAW, kanti eyakhe i Nikah yahlanganiswa wu Allah Ta'ala
Wayengowesimame onesandla esiphayo, enjalo nje wayenikela ngokweqile endleleni ka Allah. Wayephila ngokuzila eskhathini esiningi.
U Hazrat Ayesha {Radiyallahu Anha} uyabika ukuthi u Rasulullah (Sallallahu Alaihi Wasallam) watshela amakhosikazi akhe ahloniphekile ukuthi : ‘’ Lowo kunina oyofika kuqala kimi {ngemuva kokufa} yilowo onezandla ezinde.’’
Mayelana nalesisbusiso, amakhosikazi ahloniphekile, wona acabanga ukuthi lokho kwakubhekise ebudeni bezandla zabo zangempela. Kwathi uma bezilinganisa bathola ukuthi ngezika Saudah { Radiyallahu anha} ezazizinde kunazo zonke. Kepha kwathi lapho u Zaynab {Radiyallahu anha} eseba ngowokuqala kubona ukuhamba emhlabeni, babe sebeqonda ukuthi u Rasulullah SAW wayesho onokunikela okwedlulele kumakhosikazi akhe ahloniphekile.
Washona ngonyaka wama 20 AH eneminyaka engama 50. Ngu Hazrat Umar {Radiyallahu anhu} owahola i Janaza Salah yakhe
U Hazrat Abdullah bin Mughaffal r.a uyabika ukuthi u Rasulullah (Sallallahu Alaihi Wasallam) wathi: ‘’{Sabani} Allah, {Sabani} Allah mayelana nama Sahaba ami. {Sabani} Allah, { Sabani } Allah mayelana nama Sahaba ami. Ningabagxeki ngemuva kwami. Lowo obathandayo ngenxa yothando lwami ukuthi uyabathanda, Kanti lowo obazondayo, ubazonda ngenxa yokuzonda mina. Lowo obalimazayo ulimaza mina. Lowo olimaza mina ulimaza u Allah. Lowo olimaza u Allah, kungekdalanga u Allah uzombama {uzomjezisa}.’’
