U Hazrat Asma bint Yazeed kanye no Abdur Rahman ibn Ghanam ra bayabika ukuthi u Rasulullah SAW wathi, ‘’ Izisebenzi zika Allah ezinhle yilezo ezikhumbuzana ngo Allah ngokuzibuka nje, kanti lezo zisebenzi zika Allah ezimbi, yilezo ezithutha izindaba, zigqabule ubumbano phakathi kwabangane zibuye ziqambele amanga abantu abangenacala..’’ [Musnad Ahmad]
Namuhla emicimbini yemiphakathi, nasezinhelweni zokuxhumana njall, abantu sebephila ngokuxoxa izindaba zabantu. Uma bengabhekile, lezizindaba zibaholela ekuhlebeni, ekuthutheni izindaba, ukubheca, ekugcineni kube sekukhulunywa kani ngabanye.Lezi yizono ezinkulu nokumele zigwenywe, makungenjalo bayovuza ngomphumela omubi emoyeni wokholo nakwi Imaan kwabo.
Masiziqondisise izexwayiso esizithola kwi Hadith siqalisise ngesikhuluma ngako, bese sigwema izingxoxo nabangani abangasiholela kulezenzo ezimbi
