Tel: 031 577 7868 - disc@darulihsan.com               google play icon        twitter web      

Yenza i Salaah empilweni yakho (Establish Salaah in your life)

Uthi u Allah Ta’ala kwi Qur;an engcwele: ‘’ Gcina i Salaah yakho ngokunakekela, ikakhulukazi i Salah emaphakathi, uphinde ume phambi kuka Allah ngokuzinikela okuphelele.’’ Kwelinye ivesi kuthiwa, ‘’futhi wenze i Salah ubuye ukhokhe ne Zakah uphinde ukhothame kwi Ruku kanye nalabo abakhothamayo.’’

I Salah ingumgomo wokuqala emplweni ye Muslim. Awukho umgomo onokubaluleka  njenge Salah. I Salah iyisenzo somhlaba esihola sibuye siqwashise umuntu kuwowonke umkhakha. Iyisenzo sokudumisa esisfundisa ukuxebuka ekudidisweni yizinto zomhlaba nokuhlanganisa izinhliziyo nemiphefumulo yethu no Allah Ta’ala.

I salah iyasihlambulula, isinike ukulawula izinkanuko zethu, isivikele ekuthandeni izinto, iphinde isivikele ekubeni luvanzi.

I Salah inomvuzo omkhulu ngokomzimba, nokomqondo, kanjalo nokomoya. Iwumnyango wokuthuthuka, wempumelelo, nosindiso emihlabeni yomibili, iphinde inike lowo oyenzayo umphumela omkhulukazi wenjabulo nothando kuka Allah.

I Salah ibuye ibe yisisusa sezenzo ezimbi njengoba u Allah Ta’ala ethi, ‘’ Futhi yenza i Salah kuzo zombili iziphetho zosuku, kanye nasemahoreni okuqala obusuku. Ngempela, izenzo ezinhle zisula izenzo ezimbi. Leso yisikhumbuzo kwabanganaki.’’  {Surah Hud}

Njengoba imivuzo imningi ingabaleki , imphumela yophuthelwa ngisho eyodwa i Salah iyasabeka.

U Hazrat Naufil ibn Muawiyah r.a  uyabika ukuthi u Rasulullah SAW wathi ‘’Umuntu ophuthelwa yi Salah eyodwa ufana nalowo olahlekelwe wumndeni wakhe wonke nomcebo wakhe.’’

Ama Ahadith ahlukene abalula izijeziso ezinzima eziyokhishelwa kulowo muntu ongazihluphi ngomgomongqangi njenge Muslim.

Akukho Muslim okumele nanini lishiye i Salah, kungabe wenzani, ukuphi noma ngabe ukusiphi isimo. Uma kukhona i Salah egejiwe, eskhathini esidlule, kumele kube nokuphenduka okumsulwa okumele kwenziwe kanti naleyo Salah edlulile kumele ikhokhiwe ngokuphinda leyoSalah ewumgomo { Fard }.

Khumbula, i  Salah iyonanto yokuqala esiyobuzwa ngayo ngoSuku lwe Qiyamah. Ukuphumelela noma  ukufadalala kokwahlulelwa komuntu kuyobe kulele ekwahlulelweni kwe Salah. Yenza i Salah yakho ngaphambi kokuba kwenziwe i {Janazah} Salah yakho.

Login to post comments

Nisab

15/11/2025 08:00

- Mahr Fathimi: R42 498
- Minimum Mahr: R850
- Zakaat Nisab: R16 999
Price/g rate: GoldPriceZ

Contact Us

70 Joyce Road
Durban
Tel: 031 577 786 8
disc@darulihsan.com