kumuntu ukwenza i Sajdah uma lelovesi elihloniphekile lizwakala, noma lifundwa. Ngokujwayelekile, amavesi e Sajdah Tilawah anezikhombiso kwi Qur’an.
U Hazrat Abu Hurairah ra uyabika ukuthi u Rasulullah SAW wathi, ‘’ Noma nini lapho indodana ka Adam ifunda ivesi le Sajdah, u Shaitaan uthi nyawo ngibelethe esho ekhihla isililo. Ngaso lesosikhathi usuke ememeza ethi ‘’ Yeka okwami! Indodana ka Adam yajutshwa ukuba yenze i Sajdah, ngempela yasenza i Sajdah, ngaleyondlela yazuza ngokungena e Jannah. Mina ngajutshwa nge Sajdah, nganqaba. Umphumela waloko mina ngiyophelela e Jahannam.’’ ] Sahih Muslim]
I Sajdatu Tilawah kumele yenziwe ngokushesha ngemuva kokufundwa kwalelovesi. Uma singeke senzeke ngokushesha, akumele kuhlehliswe ngaphandle kwesizathu ukusenza.
