Click Here To Download Fanfold
Click Here To Download Booklet
Ngaphambi kokuba sinabe kakhulu, okumele sikwazi ukuthi wonke amagama asetshenziswayo uma sikhuluma nge-Islam noma ngama-Muslim, amagama asukela olimini lwesi-Arab, okungulimi olukhulunywa ezweni lase-Saudi Arabia elisentshonalanga nempumalanga yezwekazi i-Afrika. Uma uwela ulwandle olubomvu ube usufika kulelizwe okwazalelwa kulo u-Mprofethi u-Muhammad, ukuthula kube kuye, okunguye owasikhombisa loluhlelo lwe-Islam , loluhlelo ludala luvela kuMvelinqangi OnguMdali maZulu noMhlaba. U-Muhammad isithunywa nje kuphela esivela ku-Allah (U-Somandla) akakhonzwa nangephutha.
Kunezigidigidi zabantu abangabalandeli boMprofethi u-Muhammad ababizwa ngokuthi ama-Muslim okusho ukuthi abathobele intando ka-Allah (U-Somandla) emazweni anjengo Egypt, Ethiopia,Iraq, iran, India, Kenya, Malaysia, Nigeria, Pakistan, Senegal, Syria, Sudan, Tanzania, Tunisia, Zanzibar namanye amaningi. Ezweni lakithi kunomqondo othi loluhlelo lwe-Islam inkolo yamaNdiya okuyiphutha elikhulu. Akukho sizwe naluhlanga olungaqhosha ngokuthi loluhlelo ngolwabo ngisho ama-Arab imbala. Yebo loluhlelo lwambulwa ngolimi lwesi-Arab kepha lokhu kwakungasho ukuthi ayigcine kubona, lona umbiko ovela ku-Allah uqondiswe kwisintu jikelele.
I-ISLAM UHLELO LOKUPHILA OLUNOXOLO NOTHANDO
Ama-Muslim uma ebingelelana athi: 'As-salam alaykum' okusho ukuthi 'uxolo malube kuwe'. Loyo obingelelwayo kufanele aphendule athi: 'wa-alaykum salaam', okusho ukuthi 'uxolo malube kuwe futhi'. Ama-Muslim ayanxuswa ukuthi kufanele ahloniphe izinhlelo zokukhonza zabanye, nabalandeli bazo. Akavunyelwe ukubeka izici kwizinhlelo zokukhonza zabanye. Ama-Muslim asebenzisa iNcwadi ebizwa ngokuthi i-Kur'an eyambulwa kuMphrofethi u-Muhammad njengaloku nezinxenye ezithile ze-Bhayibeli zambulelwa iNkosi u-Jesu ,ukuthula makube kulezizithunywa zika-Allah (Unkulunkulu).
U-Allah ongu-Somandla uthi kwi-Kur'an eNgcwele, “Akukho ukuphoqwa oKholweni”. Okuchaza ukuthi umuntu akaphoqwa ekutheni angene kuhlelo lwe-Islam kungasuki enhlizwiyeni yakhe. Kune miqingo yemibhalo ebizwa ngokuthi ama-Hadeeth imibhalo ephethe iziyalo nezimfundiso zoMphrofethi u-Muhammad ama-Muslim ayazisa kakhulu engeyesibili ngokubaluleka emva kwe-Kur'an eNgcwele. Akesithi ukuchaphuna kancane kulama Hadeeth:
UKUBINGELELANA
UMphrofethi, ukuthula kube kuye, wathi, ”Ngizonilayela into okuzothi uma niyenza idale uthando kini………………...zifundiseni ukubingelelana.”
UKUHLAMBALAZA
I-Muslim lingumfowabo welinye i-Muslim, akufanele ukuthi lihlukumeze noma liphathe kabi elinye, lithuke noma lilibukele phansi. “Lowo ohlambalazayo, okhuluma kabi, aphinde aqambe amanga ngabanye ngeke awubone umbuso we-Zulu!” kusho uMphrofethi, ukuthula kube kuye.
UKUZWANA
Alukho ukholo lwenu oluphelele (awusoze waba i-Muslim leqiniso) ngaphandle kokuba ufisele umfowenu lokho ozifisela khona wena.”
UMONA, UKUXHAPHAZA ABANTU, INZONDO
“Ningabi nomona phakathi kwenu, ningaphathani budedengu, ningazondani, hlalisanani njengabantu abangabafowenu,nina zinceku zika-Allah”
UKULIMAZA NOKUKHUBAZA
“I-Muslim akufanele ukuthi ngezandla zalo nangolimi lwalo limaze amanye ama-Muslim, nabanye abantu nje.”
UKUPHA ABANTULAYO
“Zivikele eMlilweni ngokuthi wenze izenzo ezinhle noma ngabe zincane kangakanani.”
UTHANDO LUKAMAKHELWANE
Lowo okholwa ku-Allah no-Suku loku-Gcina kufanele ukuthi ahloniphe umakhelwane wakhe (umakhelwane kumele ahlonishwe, aphathwe ngokucophelela, uphinde ube nesihe kuye futhi asizwe uma kufanele).”
UKWAZISA IZIVAKASHI
“Lowo okholwa ku-Allah no-Suku loku-Gcina kufanele azise izivakashi bezihambi.”
UKUTHULA KUBUSISEKILE
“lowo okholwa ku-Allah no-Suku loku-Gcina, makakhulume ngezinto ezinhle noma athule.”
OKUHLE NOKUBI
UMphrofethi u-Muhammad, ukuthula makube kuye, uchaza okuhle nokubi kanje: OKUHLE: Ukuziphatha kahle ukuba nothando nenhlonipho kwabanye abantu; OKUBI: Izenzo ezimbi ozenza kwabanye abantu zilimaza abanye zibuye zilimaze wena ngendlela ongezuyibone masishane.
IZONO EZINKULU
Isono esikhulu : Ukulinganisa ubuKhulu buka-Allah (U-Somandla)nobabanye, ukulinganisa u-Allah nabanye onkulunkulu. Ezinye izono ezilandelayo ngobubi yilezi: Ukungalaleli abazali, ukubulala, ukuphinga, ukweba, ukuphuza uphuzo oludakayo, nokubulala izinto eziphefumulayo kungenasidingo, njengezilwane, izinyoni, izinambuzane, nokwenza izifungo ngo-Allah ngenkohliso.
ULAKA
“Akanawo amandla lowo othela abantu othulini ngamandla akhe, kodwa lowo okuthi lapho evukwa ulaka azibambe, nguye onamandla.”
UKUFUNA ULWAZI
“Ukufuna ulwazi (namakhono) kuyimpoqo kunoma iliphi i-Muslim, elesilisa nelesifazane.”
UBUNGANI
“Kungcono ukuba wedwa kunokuba nomngani omubi.”
IZINKULUMO ZANGASESE
“Lapho kunabantu abathathu nangaphezulu akungenzeki ukuthi ababili baba nengxoxo ngaphandle kowesithathu noma nabanye, ngamanye amazwi kusho ukuthi ukuhleba akuvumelekile.”
UKUXABANA
“Ngempela u-Allah Uzonda izinto ezintathu kumuntu, okuyilezi: Ukuxabana kuze kubekhona ukulwa, ukumosha umnotho wakho nowabanye, kanye nokubuza kaninginingi ngokungenasidingo.”
ISEXWAYISO ESINZULU
“Lowo ozibulalayo uyakusha e-Mlilweni wesi-Hogo, ukuthatha izeluleko zabathakathayo, ukudala udlame,ukukhonza amathuna, ukukhonza abantu abaphilayo nasebadlula emhlabeni. Bonke laba bayothola isejeziso esinzima ku-Mdali.
Lokhu okungenhla kunjengeconsi olwandle olwazini olukhona nongaluthola uma ungakhetha uhlelo lokuphila lwe-Islam.
ASIZIFUNDELE NGEQINISO SINGABI YISIZWE ESIFUNZWAYO NGENKOLO

