Tel: 031 577 7868 - disc@darulihsan.com               google play icon        twitter web      

Inkolo Ye Islam Namasiko Esintu (ISLAM & THE AFRICAN CULTURE)

zulu culture web

Click Here To Download Fanfold

Click Here To Download Booklet

Luvelaphi usiko lweSintu

Sizozibuza ukuthi umuntu omnyama uhlangana kuphi nenkolo ye Islam. Okokuqala okumele sikuqondisise kahle nge Islam yiko ukuthi ayisiyona inkolo yesizwe esisodwa njengoba abanye behlezi bethi iyinkolo yamaNdiya. Igama elithi Islam lisho ukuthobela intando yaMdali. Bese umuntu owenza lokho abizwe nge Muslim. Ngemuva kocwaningo olunzulu sibe sesiqhathanisa usiko lweSintu nenkolo ye Islam. Siye sathola umphumela omangalisayo ngezinto ezifana ncamashi ezisenkolweni ye Islam nasosikweni lweSintu. Yikho kanye lokho okwenza sibe nesiqiniseko esigcwele ukuthi noma kanjani i- Islam iyimvelaphi yosiko lweSintu.

Ukholo lweSintu emandulo

Abantu babekholelwa kuNkulunkulu Oyedwa qhwaba, uMvelinqangi. Babekholwa wukuthi uMvelinqangi akazalwanga enjalo nje akazali. Akukho okungafaniswa naye. UnguMnini mandla wonke, uMdali wamaZulu noMhlaba, kanti futhi akukho lutho olufihlakele kuYe. Uma sifunda kwi Qur'aan, okuyiNcwadi eNgcwele yama Muslim ithi, “Ngakho-ke uMdali wakho unguMdali oYedwa.” Surah Al-Baqarah. Ivesi le 163. Lelivesi iqinisekisa iSintu. Uma sesibuya sibheka udaba lokukholelwa ezithixweni, asikho isithixo noma umfanekiso owawukhonzwa emandulo. Kwakuyinto engalokothwa ukukhonza izithixo. Ukukhonzwa kwezithixo kufike ngamabandla ezifika namthwalo. Singabheka izithixo nemifanekiso kaJesu noMariya neziNgelosi neziphambano emasontweni. Inkolo ye Islam iyaphikisana nokukhonzwa kwezithixo.

Ebhayibhelini uNkulunkulu uthi: “Ungazenzeli izithombe ezibaziweyo ngomfanekiso oseZulwini phezulu noseMhlabeni phansi nosemanzini ngaphansi komhlaba. Exodus 20, imiyalelo elishumi.

Imbeleko

Ngokwesiko lweSintu uma kuzelwe umntwana ekhaya uyaye enzelwe imbeleko, nokuwukudlulisa ukubonga kuMdali nokucelela umntwana ukuba avikeleke emoyeni emibi, akhule kahle ephilile. Nenkolo ye Islam iyavumelana nenkolo yeSintu. I-Islam ithi uma kuzelwe ingane yomfana kumele kuhlatshwe izimbuzi noma izimvu ezimbili. Uma kuwumntwana wentombazane kuhlatshwa isilwane esisodwa, kubongwa kuMdali ngesipho sengane umndeni osuke ubusiswe ngayo, futhi kucelwa ukuba uMdali ayikhusele kukho konke okubi isakhula noma isikhulile.

Izibongo

Uma sibheka udaba lwezibongo. Emandulo sasingaziwa isibongo. Umuntu wayegagulwa ngegama lakhe bese kujotshelelwa ngegama likayise. Isibonelo, uMbopha kaSithayi, Bhongoza kaMefu, uShaka kaSenzangakhona, uSanele kaMkhonzeni njll. Namuhla sesizithola sizibiza ngezibongo. Isibonelo, Sibusiso Gumede, Tholakele Mkhize, Sanele Ngcobo njll. Uma sibheka kwi Islam sithola ukuthi lendlela yakudala isasetshenziswa ikakhulukazi emazweni ama Arabhu. Uma sibheka osaziwayo, siyabathola o Muhammad bin Abdullah. U Muhammad yigama lakhe, kanti u bin usho ukuthi yindodana ka Abdullah, okuyigama likayise. Lokhu kusikhanyisela bha ukuthi usiko lweSintu luyefana nosiko lwenkolo ye Islam.

Isithembu

Usiko lweSintu aluphikisani nokuganwa yisithembu noma ukuthatha amakhosikazi amaningi. Indoda ebithathe isithembu ibithathwa njengomnumzane uqobo futhi ibihlonishwa kakhulu. Inkosi ibivamise ukwakha ithimba labeluleki bayo ngamadoda anesithembu. Nawo futhi amakhosi ayevamile ukuthatha isithembu kangangokuthi amanye asaligcinile usiko lwesithembu. Singabala iSilo samabandla neNkosi yaseSwatini njll. Inkolo ye Islam iyahambisana nesithembu. Uthi uMdali kwi Qur'aan eNgcwele ; “ Ungathatha umfazi oyedwa noma ababili noma abathathu noma abane uma uzokwazi ukuba qotho, ubanelise ngokulinganayo, kodwa uma usaba ukungakwazi ukubenelisa, thatha oyedwa..” Surah 4, ivesi lesi 3.

Indlela yokudla

Usiko lweSintu lusifundisa ukuthi uma sidla, kumele sidle ngesandla sokudla. Izingane zazifundiswa ukudlela ndawonye esitsheni esisodwa ukuze zikhule zithandana. Lapho sibheka nasenkolweni ye Islam lemfundiso siyayithola. Akugcini ezinganeni. Ngisho nabantu abadala bayakhuthazwa ukuba badlele esitsheni esisodwa.

Indlela yokuzikhulula neyokuzihlanza

Imfundiso nendlela yeSintu ithi uma umuntu ezikhulula, kumele athole indawo esithekile nokungelula ukuba abonakale kuyona uma ezikhulula. Ngisho noma ngabe uyashobinga kumele azihloniphe afole noma abeke idolo phansi. Kuyichilo ukushobinga umile phuhle. Ne Islam ifundisa kona lokhu kuzihlonipha. Uma sibheka indlela yokuzihlanza yabantu basemandulo. Babezihlanza ngamanzi agelezayo emifuleni. Babengalokothi basebenzise amanzi amile kwazise babewathatha ngokuthi angcolile. Manje sekwaba nomkhuba wokuhlambela esitsheni abuye ashobingele kuwo lawomanzi bese ebuye ehlanza ngawo lawomanzi isitho sokushobinga. I-Islam ifundisa ukuhlamba umzimba emanzini agelezayo. Uma engekho agelezayo iyavuma ukusebenzisa isitsha ngomgomo wokukha ngesitsha sokukha bese uhlambela ngaphandle kwesitsha

Indlela yokungcwaba

Uma sibuyela emandulo siyobheka indlela okhokho bethu nesiko labo lokufihla ithambo lomndeni eselidlulile emhlabeni, sithola ukuthi umuntu wayefihlwa ngalo usuku ayendele ngalo kokhokho bakhe noma ngakusasa. Umuntu wayesongwa ngesikhumba bese ebekwa endlini yakhe yokugcina. Abesimame babengasondeli emathuneni. Uma sibheka indlela ama Muslim afihla gayo, iyizithupha ziyegwayini neyokhokho. Esikhundleni sesikhumba, ama Muslim wona amsonga ngendwangu emhlophe. Nama Muslim isidumbu asibeka egumbini bese kubekwa amapulangwe noma izingodo nocansi phezu kwazo ukuze inhlabathi ingamthinti umufi. Nakwi Islam abavumelekile abesimame ukuya emathuneni.

Amadlozi namaThonga

Sivamise ukuzwa umuntu ethi ngsayokhuluma neDlozi lami, noma ngsayocela eDlozini lami. Yini kahle kahle iDlozi. Ngabe wumuntu wakini osewadlula emhlabeni,noma wumuntu wakini ohlale ehamba nawe ekuvikela ezingozini, abuye akulethele inhlanhla. Liyini-ke lona iThonga. Iningi labantu seliziphambanisile zombili lezizidalwa. Inkolo ye Islam isichazela kalula ukuthi akekho umuntu othi angahamba emhlabeni abe wusizo kwabaphilayo. WuMdali kuphela ophethe ukhiye wako konke.

Login to post comments

Nisab

15/11/2025 08:00

- Mahr Fathimi: R42 498
- Minimum Mahr: R850
- Zakaat Nisab: R16 999
Price/g rate: GoldPriceZ

Contact Us

70 Joyce Road
Durban
Tel: 031 577 786 8
disc@darulihsan.com